Imvunge yokusa (isiZulu poetry FET)

R 40,00

Description

Le ncwadi oyiphethe esandleni sakho yincwadi ebaluleke kakhulu ukuqonda nokujabulela ubuciko bomlomo! Iqukethe izinkondlo ezimnandi ezibhalwe yizimbongi ezahlukahlukene. Kuzona kukhona ezabesilisa nezabesifazane, eziqalayo ukushicilela nalezo esezigiye kaningana enkundleni yobuciko bokubhala imibhalo yolimi lwesiZulu. Izinkondlo ezilapha zikhuluma ngezindikimba ezahlukahlukene futhi zibhalwe ngolimi olumtoti noluzwakala kamnandi. Le ncwadi inemibuzo nezimpendulo ezisiza abafundi ngezivivinyo abazobhekana nazo. Sonke siyazi ukuthi izinkondlo ziqukethe ulimi oluqinile kunalolu esilusebenzisa nsuku zonke; kodwa ungathazeki ngoba kule ncwadi sikuchazela amatemu kanye namagama alukhuni ukuze uziqonde kalula izinkondlo futhi uzijabulele. Kuyajabulisa ukufunda ngababhali bezinkondlo, yingakho nje sikufakele imilando yababhali bonke ukuze wazi ukuthi bangobani futhi baphuma kuphi. Awuphuze ke nawe kulo mthombo, uzophuma uthe cosololo!

Additional information

Authors
Language isiZulu
Publisher Oxford University Press Southern Africa
ISBN 9780190419264