Isizulu Sethu Grade 10 Teacher’s Resource Lifetime License

R 69,49

Description

lsiZulu Sethu siwuchungechunge (series) lwezincwadi ezihlelelwe amabanga 10, 11, 12. Zimbili izincwadi kulelo nalelo banga: nlncwadi yoMfundi ( Learner Book) nencwadi kaThisha. Zombili lezi zincwadi zibhalwe zahambisana nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola (CAPS). Nakuba lezi kuyizincwadi zolimi, kepha zibhalwe ngendlela yokuba zisabalalele nakwezinye izifundo nemikhakha eyehlukene ethinta impilo yomfundi. nNgaleyo ndlela umfundi akagcini nje ngokuzuza amakhono olimi kodwa uzuza namanye amakhono amaningi ayomenza ukuba akwazi ukuziphilisa futhi aphilisane kahle nabanye abantu. nKuningi uthisha nabo abazokuzuza kweyabo. Bafakelwe konke okufanele bakwazi ngenqubo mgomo yesiTatimende sikaZwelonke yokuFunda nokuHlola (CAPS). Ukuhlola kufakiwe, nesibonelo sokurekhoda nokubika ngentuthuko yomfundi. nKukhona ngisho nohlelo lomsebenzi wonyaka wonke ( Work Schedule) nesibonelo sokulungiselela isifundo (Lesson Plan). Uthisha lapha angasilandela lesi sibonelo noma azenzele naye ngamanye amaphuzu uma ebona.

Additional information

Authors Mfanafuthi Madlala, Noluntu Thobela, Ntombi Mbambo, Zanele Hadebe
Language isiZulu
Publisher Shuter and Shooter Publishers
ISBN 9780796046055