Isizulu Sethu Grade 11 Learner Library

R 91,43

Description

lncwadi yoMfundi ( Learner Book) nencwadi kaThisha. Zombili lezi zincwadi zibhalwe zahambisana nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola (CAPS). Nakuba lezi kuyizincwadi zolimi, kepha zibhalwe ngendlela yokuba zisabalalele nakwezinye izifundo nemikhakha eyehlukene ethinta impilo yomfundi. Ngaleyo ndlela umfundi akagcini nje ngokuzuza amakhono olimi kodwa uzuza namanye amakhono amaningi ayomenza ukuba akwazi ukuziphilisa futhi aphilisane kahle nabanye abantu. Kuningi othisha nabo abazokuzuza kweyabo. Bafakelwe konke okufanele bakwazi ngenqubo mgomo yesiTatimende sikaZwelonke yokuFunda nokuHlola (CAPS). Ukuhlola kufakiwe, nesibonelo sokurekhoda nokubika ngentuthuko yomfundi.

Additional information

Authors
Language isiZulu
Publisher Shuter and Shooter Publishers
ISBN 9780796046062